
Zijwayeze Ukuphila Nokuphepha
Click here for English version
Ubhubhane i-COVID-19 luqhakambise indaba yezempilo nezokuphepha. Ezindaweni zokusebenza ezweni kusheshe kwalandelwa imigomo eyengeziwe okubalwa kuzona ukuqhelelana phakathi kwabasebenzi namakhasimende, ukugqoka izifonyo nokufutha izandla ngesibulala-magciwane. Ukubuka izindawo zokusebenza ngendlela entsha kwenze ukuthi abasebenzi abaningi bakwazi ukusebenzela emakhaya noma emahhovisi avikelwe ngokuphindiwe. Ubhubhane lwenze umphakathi waqhubeka nokuba namandla njengoba wonke umuntu enze okusemandleni ukuthi aphephise omunye.
Ukulimala nokufa kwabantu emsebenzini kunemiphumela enzima ezinkampanini nakubasebenzi, imindeni nomphakathi wonkana.
Lokhu kuqikelela okuphindiwe kwezokuphepha emsebenzini ngesikhathi se-COVID-19 yithuba lokuphucula ezempilo nezokuphepha emsebenzini ngisho ubhubhane selukade lwedlula. Abaqashi kudingeka ukuthi bahlale bazi imigomo kahulumeni, baqinisekise ukuthi zonke izingozi emsebenzini ziyavikwa.
Izifundo zase-Extended Learning yase-UKZN ze-Safety, Health and Environment Management ziqala mhla we-14 kuMandulo ngowezi-2021. Ukubekisa indawo noma ukuthola eminye imininingwane ngalezizifundo, ciphiza lapha noma uthinte:
U-Percy Sishi
Ucingo: +27 31 260 1853
Incwadi yonyazi: sishis@ukzn.ac.za
Amagama: wuNkosingiphile Ntshangase
Isithombe: Sithunyelwe